Umshado yindlela yasemhlabeni ephezulu kunazozonke yokudalula uthando phakathi kwabantu ababili. Ihubo likaSolomoni elisezingeni eliphezulu ukudlula wonke amahubo akhe, lavela emlonyeni kaNkulunkulu uqoboLwakhe, lithatha izahluko eziyi-8 emaBhayibhelini ethu.
Kwisahluko sokugcina kumiswa uphawu oluyisikhumbuzo ukwenzela ukuhlonipha uthando lwasemshadweni
Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
njengophawu engalweni yakho,
ngokuba uthando lunamandla njengokufa;
isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi likaJehova.
Amanzi amaningi awanakulucima uthando,
nemifula ayinakuluminzisa;
uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,
nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.
Isihlabelelo sezihlabelelo 8:6-7
Lesisithombe sinonile, siyakudinga ukuthi uthi ukucabangisisa ngaso.
UPhawu: Uphawu yisithombe sokulonda into okuqinisekisiwe usebenzisa igugu onalo ngaleyento okungeyakho. Umshado yisivumelwano sokuthanda ngothando oluhlezi lumile ngoba wena uyinto eyigugu lalowo oshadelwe naye.
Lunjengokufa: Njengokufa kuthatha umuntu kumgcine kungaphinde kumdedele, kanjalo nothando lwasemshadweni lunentshiseko yothando enamandla neqondene nalo kuphela, komunye nomunye kubashadikazi olungasoze lwamdedela omunye.
Ilangabi likaJehova: Amandla othando lwasemshadweni ayigxube emangalisayo yothando olugcwele injabulo nezenzo ezikhombisa uthando ezinesisindo.
Imifula: Uthando lwasemshadweni alucimeki. Ngisho nezigameko zempilo enzima ngeke zilunqobe uthando indoda enalo ngomfazi wayo, nomfazi analo ngomyeni wakhe.
Ukwamukelisa impahla eningi ( noma ingcebo): Isiduphunga kuphela esizobona imali ibalulekile ngaphezulu kokubaluleka kwalowo ashadelwe naye.
Uma ucishe ufane nami, ungabheka lezizithombe esizinikwa uMbhalo zizama ukwenza ubulungiswa othandweni lomshado bese ucabanga ukuthi yonke lento iyiphupho futhi mhlawumbe ngeke yenzeka nokwenzeka, noma ucabange ukuthi ukuthatha izinto kalula. Kodwa lokhu akukho kude neqiniso. Umbhalo uhlezi uyihlaba eskhonkosini, futhi isithombe osivezayo sothando lwasemshadweni lweqiniso sifanelwe ukuba siphokophelelwe yiwona wonke umuntu wesilisa nowesifazane oshadelwe. Uma ufisa ukuvuselela uthando lwakho ngoshadelwe naye lube ngendlela yecebo likaNkulunkulu lomshado, nawe ungakwazi ukuloba amazwi ajengalawa. Eqinisweni, tshela lowo oshadelwe naye lesisinqumo osusithathile sokuthanda!
Njengalokhu uSolomoni enza la: Nawe yenza umshado uhlabelele futhi!