U-Urimi no Thumimi bayathintwa izikhathi ezimbalwa kwiTestamente endala. Lamagama abhekise kumatshe ayesetshenziselwa ukuthatha izinqumo ezibalulekile. Ayegcinwa kwisivikelo sesifuba sompristi omkhulu. Ngenxa yokukwazi kweUrimi ne Thumimi ukunquma ngokushesha, isivikelo sesifuba sasibizwa ngesivikelo sokwahlulela (Eksodusi 28:30). Kwenye indawo lapho kukhulunywa khona nge Urimi ne Thumimi iku 1 Samuweli 14:41 ufunde wehle naye, Ezra 2:63, noNehemiya 7:65.
U-Urimi no Thumimi babe setshenziswa umpristi oMkhulu ukuveza isinqumo sikaNkulunkulu kwisizwe sakwa-Israyeli, Uma umthetho wawungasho ukuthi yini ekumele yenziwe lapho ke uNkulunkulu wayesebenzisa u-Urimi no Thumimi ukutshela abantu ukuthi ikuphi ukwahlulela noma isinqumo ekumele senziwe.
Isibonelo, ukusetshenziswa kwalamatshe kuEzra noNehemiya kwakwenzelwa ukunquma ukuthi abantu abathile ababethi bangabesizwe sikaLevi, kodwa bengenabo ubufakazi balokho, ukuthi bazovumeleka yini ukwenza umsebenzi kwithempeli noma cha.
Asinaso isiqiniseko ngokugcwele ukuthi ayesetshenziswa kanjani, kodwa kwakucishe kufane nokwenza unkatho. Mhlawumbe indlela yesimanje esingalinganisa ngayo lokhu “ukuspina imali, uma kuyi hedi (Urimi), ubeke usuthatha isinqumo sokuqala, uma kuyitela (Thumimi), uthatha isinqumo sesibili.”
Kumthetho kaMose , wenze kwabakhona uMpristi oMkhulu, u-Urimi ne Thumimi njengendlela yokuqinisekisa ukungenelela kukaNkulunkulu kwisinqumo esithathwe abantu. U-Urimi no Thumimi basiza kakhulu kwizinqumo ezibalulekile zezinto okungafundisiwe ngazo ngokuqondile kuwo umthetho.
Kithini esingekho kwisivumelwano esezangoMose, asinayo into enjengalena. UJesu unguMpristi wethu oMkhulu, Yena unikezelile kithina ngoMoya Oyingcwele esikhundleni sika Urimi noThumimi. Ngaphezu kwalokho, uMoya Ongcwele akumbuli ulwazi olusha kithini ngezinqumo zethu, kunalokho, ngokuka Johane 16:13, uyasikhumbuza ukuthi uJesu wathini, nangokuka 2 Phethro 1:21, ukuthi Nguye osinikezele yonke Imibhalo.
Akumele sifise ukuba noUrimi noThumimi. Kunalokho sifanelwe ukubona ukuthi izinqumo zethu zimelwe ziqondiswe nguMoya Ongcwele esebenzisa Imibhalo ephefumulelwe.
Indlela esobala ongayisebenzisa uma ufisa ukwenza ezakho izinqumo ungaphendula lemibuzo elandelayo ngawo uMbhalo, ngalendlela,
- Ngakube lento ofisa ukuyenza iyisono noma ilungile?
Amahubo 37:27
Ungoni, kodwa qiniseka ukuthi wenza ukulunga - Ngakube lokhu ofisa ukukweza kunobuhlakani noma ubuwula?
Umshumayeli 8:5b
Ungabenzi ubuwula, kodwa hlakanipha - Ngakube yinto ozokuthokozela ukuba nayo?
Umshumayeli 3:12-13
Ithokozele impilo