Usizo lokufunda imisho emide eBhayibhelini

Help in Reading The Really Long Sentences in the Bible

Mhlawumbe kujwayeleke kakhulu ngoMphostoli uPawuli, kodwa umBhalo ugcwele imisho nezindima okude ngendlela yokuthi uzithola usugxile kakhulu kwimininingwane eminye ngendlela yokuthi ukhohlwe ingqikithi. Indlela ewusizo uma ufunda lolohlobo lwezindima ukuthi ususe imininingwane eminingi ukubona ukuthi yini esalayo ewumqondo owumgogodla. Nazi izibonelo:

Hamba uyofunda kwabase-Efesu 2:1-10 okuyinkulumo empeleni ewumusho owodwa. Uma ugcina nje izingxenye eziwumgogodla, ifundeka kanje:

Nanifile ngenxa yeziphambeko nezono zenu, kepha uNkulunkulu wasiphilisa kanye noKhristu wasivusa kanye naye, wasihlalisa naye ukuze abonakalise ingcebo yomusa wakhe.

Okufanayo nencwadi 2 kwabaseKhorinte 6:3-10

Asibekeli muntu isikhubekiso,kepha kukho konke sizibonakalisa sinjengezikhonzi zikaNkulunkulu

Lendlela ewusizo yokugcina umqondo owumgogodla iwusizo ngisho nakwimisho emifushane. Isibonelo kwabaseFiliphi 4:8 lapho umqondo owumgogodla kuwukuthi “zindlani ngalakho”.

Kwangathi sonke singafunda ukuthanda imininingwane emikhulu yokholo lwethu ngaphandle kokulahlekelwa yiqiniso eiyisisekelo.

Scroll to Top