Incwadi kaMshumayeli ayivamile ukuhlanganiswa nokushumayela, kodwa, isihloko eyanikezelwa sona sisuselwa kumbhali wayo “ÜMshumayeli” ( UMshumayeli 1:1-2, 12; 7:27; 12:8-10).
Uthini umbono wo”Mshumayeli” ngokushumayela?
Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi. UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso. Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye. Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.
UMshumayeli 12:9-12 ( IsiZulu 2020)
Okokuqala, intshumayelo enhle izofundisa ulwazi (IZenzo 20:27).
v9 Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi,…
Okwesibili, intshumayelo enhle izoba umphumela wokufunda ngokuzikhandla ( 2 KuThimothewu 2:15).
v9-10 walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi. UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo,…
Okwesithathu, intshumayelo enhle izonikezela, hhayi zonke izinto ezihlukile ezitholakele kade kusalungiselelwa, kodwa iqiniso kuphela ( 2 KuThimothewu 2:15).
v10 … abhale amazwi aliqiniso.
Okwesine, insthumayelo enhle inikezela amazwi…
…akhuthaza abalalele ukuthi bafune ukuwenza isenzo ( 2 KuThimothewu 3:16-17)…
v11 Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, …
…ezingashintshi ( 2 KuThimothewu 2:18)…
v11 … anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila…
…lokhu kusungulwe nguNkulunkulu Qobolwakhe ( 2 EkaPhethro 1:21).
v11 … aqoqwe ngumalusi munye.
Okokugcina, insthumayelo enhle izokhombisa ukuthi kungani iZwi likaNkulunkulu lanele ( 2 KuThimothewu 2:16).
v12 Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.
“UMshuamyeli” ubekuqonda ukushumayela. Ukushumayela esontweni akukaze kushintshe kusukela ngaleso sikhathi. Wonke amavesi afakwe kubakaki ngenhla athathelwe kumavesi okushumayela kwiTestamente Elisha- futhi maningi ahambelana nalawa!
Kunesizathu ukuthi kungani amabandla athembekile ephakamisa ukushumayela okuya ngokweBhayibheli, futhi kunesizathu ukuthi kungani Amakrestu eqiniso ethanda intshumayelo enhle.