God’s Universal Love
UNkulunkulu uluthando, ngakho-ke uNkulunkulu uyalukhombisa uthando Lwakhe kubantu bonke—yebo, ngisho nakulabo abaphika uthando Lwakhe olusindisayo (Makhu 10:21-23). Uthando lukaNkulunkulu lwekhethelo alubhekise kumakholwa luhlukile ngendlela emangalisayo, kodwa uthando Lwakhe kubantu bonke alusilona izeleze.
UNkulunkulu ukhombisa uthando kubantu bonke ngokubanika ilanga nsukuzonke kanye nezinkathi zonyaka ngaphandle kokubandlulula ( Mathewu 5:44-48). Uthando lukaNkulunkulu yi “similo sikaNkulunkulu esimenza Yena ukuthi aphathe ngokukhulekile nangesihle zonke izidalwa Zakhe” [ L. Berkhof, Manual of Christian Doctrine]. Ngisho nalabo abazihambela ngeyabo indlela basangabamukeli bobuhle bukaNkulunkulu abenzela bona (Izenzo 14:15).
UNkulunkulu ukhombisa ngobufakazi uthando lwakhe lwabantu bonke ngokusekela, ngaye uJesu Khristu, zonke izinto ezidingakalayo kwimpilo yomuntu ngamunye (Kholose 1:17). Lokhu akusiwo nje amandla okugcina izinto zisekelekile, kodwa kufakwe imicabango ngomuntu ngamunye (Izenzo 17:26-28). UNkulunkulu uhlele impilo ngendlela yokuthi incike othandweni Lwakhe olunomusa. Okuyikhona okubalulekile kulamavesi ukuthi uthando lukaNkulunkulu olunomusa lubhekiswe kumuntu ngamunye ngendlela yokuthi, lwenze umuntu nomuntu afune uNkulunkulu bese eyamthola. Izenzo 17:26-27 impela ziyindlela eveza ukwenzeka kothando lukaNkulunkulu olubhekiswe kubantu bonke okukhulunywa ngalo kuJohane 3:16!
Njengalokhu “uthando lumnene” ( 1 Khorinte 13:4), akumangazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa uthando lwakhe ngesihle esenzelwe abantu bonke—ngisho nalabo abangabongi (Lukha 6:35)! uNkulunkulu unomusa, unesihawu, uyaphuza ukuthukuthelela, unothando oluchichimayo, futhi unesihawu kubobonke nakuzozonke izinto azenzile (Ihubo 145:8-9).
Uthando futhi lufaka phakathi nenjabulo nobumnandi okususelwa kuleyonto ethandwayo. Uthando lukaNkulunkulu lungolwabantu bonke nangalowo mqondo futhi, njengoba Yena ethokoza ngezulu nomhlaba njengoba kuyiNdalo Yakhe (Ihubo 104:31).uCharles Hodge, kwincwadi yakhe *yeSystematic Theology, ubhala kanje: “njengalokhu umhlaba ugcwele impilo, kanjalo futhi ugcwele nobumnandi. Ngokwemvelo azikho izinto ezakhelwe ukuba ziqhakambise ubuhlungu ukwenzela bona ubuhlungu, ekubeni ukuvela ngezindlela ezahlukene kohlelo lokuthi kubekhona ukujabula kungaphezulu ngendlela engakwazi ngisho nokubalwa.” Impela lokhu kungubufakazi bothando lukaNkulunkulu lwabantu bonke!
Ngokwendlela ehlukile kakhulu, uthando lukaNkulunkulu lwabantu bonke lukhonjiswe ngendlela efanayo emhlabeni wonke ngakho ukunikelwa kweNdodana emhlabeni. UJesu wakhombisa uthando lokuthanda umngani osendele kakhulu elukhombisa kuJudas (Mathewu 26:48-50), wakhuleka kuNkulunkulu ukuthi angabaleleli isono sokubethelwa Kwakhe kwibutho (Lukha 23:34), wabeke esezinikela Yena qobolwakhe ukuze nanoma ngubani engakwazi ukukholwa Kuye ukuze angabhubhi (Johane 3:16).
UNkulunkulu uluthando, futhi izindlela zokukuveza lokho zizwiwa nguwona wonke umuntu
*iSystematic Theology izimfundiso ezifundiswa yiBhayibheli ngoNkulunkulu, umuntu nebandla