God’s common love
Uthando lukaNkulunkulu lujwayele ukubizwa ngokuthi “umusa owenzelwa abantu bonke”. Umehluko wencazelo yamagama amaningi ucashile, kodwa ubalulekile. Nakuba zincane kakhulu izinsiza esingazithola ezikhuluma ngothando lukaNkulunkulu kwabangakholwayo, kodwa ziningi kakhulu izinsiza ezikhuluma ngomusa owenzelwa abantu bonke kanye nokuhlinzekela kukaNkulunkulu. Lokhu akuchazi kodwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu lwanele kuphela abakhethiweyo. Futhi akusho ukuthi ukuhlinzekela kwakhe kanye nomusa owenzelwa abantu bonke awehlisela phezu kwezimpilo zabangakhethiwe wahlukanisiwe othandweni lwakhe. UBerkhof uyawuqaphela umehluko wencazelo kumagama amaningi uma ebhala ethi:
“Bona [ubuhle bukaNkulunkulu] bungachazwa njengalokho kupheleliswa kukaNkulunkulu okumenza ukuba aphathe ngokuzinikela nangobumnene zonke izidalwa Zakhe.Buwumuzwa wokuthanda anawo uMdali awubhekise kwisidalwa esinemizwa ezwelayo. Njengoba bubonakalisiwe bubhekiswa kwizidalwa Zakhe ezikwazi ukuqonda, ngezinye izikhathi bubizwa ngokuthi uthando Lwakhe lokulunga noma umusa Wakhe owenzelwa abantu bonke, ukwenzela ukuveza iqiniso lokuthi izipho zobuhle bukaNkulunkulu azehliselwa ngoba abantu befanelekile.”
L. Bherkhof, Manual of Christian Doctrine. Grand Rapids, MI: WM. B. Eerdmans Publishing Company, 1950, 66
Echaza umusa owenzelwa abantu bonke ngokuqonde ngqo uJohn Feinber uyaqinisekisa uthi:
“Umusa owenzelwa abantu bonke ubhekisa kukusebenza ngomusa kukaNkulunkulu ukugcina konke okudaliwe kuphila, nokunqanda ububi ukuze imiphakathi ingabhidliki ngokuphelele, kanye nokuvumela abantu ukuthi bathuthukise futhi basebenze emiphakathini. Lomusa ubizwa ngokuthi owenzelwa abantu bonke ngoba wehlela kuwo wonke amalungu ohlanga lwabantu (ikakhulukazi kuzo zonke izidalwa ezisemhlabeni) kungakhathaliseki ukuthi zingabantwana bakaNkulunkulu ngokholo.”
John S. Feinberg. No One Like Him. Wheaton, IL: Crossway Books, 2001, 354.
U-J.I. Packer [encwadini yakhe i-Knowing God] ubiza uthando luka Nkulunkulu ngokuthi ukubonakaliswa okusezingeni eliphakeme ngokwedlulele kukaNkulunkulu ebonakalisa “ukunakekela (Kwakhe) okuchichimayo enakekela zonke izinto azidalile emhlabeni wonke nasezulwini” no William Hendrikson [encwadini yakhe ehlaziya uLuka] usikhumbuza ukuthi ngenxa yokuthi akukho ngasikhathi sonke ukubonga okuvela kubantu bonke, lokho akusho ukuthi umusa owenzelwa abantu bonke awusilona iqiniso.
Ngakho-ke ukwenzela ukushaya emhloleni maqondana nesifundiso seZwi likaNkulunkulu,ngokuqinisekile sichaza ukuhlinzeka kukaNkulunkulu, ubuhle Bakhe kanye nomusa Wakhe owenzelwa abantu bonke njengokuthi izona izindlela eziveza uthando lukaNkulunkulu, esikhundleni sokuthi kuchazwe engathi kuhlukene futhi kusezingeni elingaphansi kunothando Lwakhe.