Isaga esishiwo ngabazali esithi “wena ufuna ukucatshangelwa njalo” ngandlela thize sinendlela eyehlisa isithunzi kodwa yokukhuthaza ukuthi usebenzise owakho umqondo, kodwa kukhona iqiniso kusona. Ngokwendlela  ebeka kahle IZaga 15:14 zithi,

Inhliziyo ecubungulayo ifuna ulwazi,

kodwa umlomo weziwula udla ubuwula.

IZaga 15:14

Emhlabeni lapho uku ‘Sherisha’ noma ‘ukudlulisela phambili’ inkulumo esematheni kulula kakhulu njengokuchofa kanye kwiscreen, ubuhlakani balesisaga buyafakazeleka. Mingaki imiyalezo yamapost kaFacebook, katweet, kaWhatsapp engena kuloluhlu lok- “udla ubuwula” esikhundleni soku “funa ulwazi”!

Kunalokho, ukuhlakanipha kuphakamisa ochwepheshe. Ochwepheshe yilabo ngokungokwabo abanolwazi olwanele ngesihloko ukuba bakhulume ngokokuqonda kwabo kanjalo bekulindele nokukwazi ukunikezela isizathu samazwi abo. Ochwepheshe bakhuluma ngokolwazi oluphenyiwe. Ochwepheshe bakhuluma ngokukholwa ngesiqiniseko kulokho okusuke ku ‘sherwa’.

Iziwula zona ziphindaphinda ngokudlulisa konke lokho zona qobolwazo ezikunikeziwe. Kungenzeka kuqondane neqiniso okuyilona, noma kushaye eceleni. Kwisiwula ukufunda nokuzwa into ethile lokho kuyenza ifanelwe ukulokhu iphindiwe. Iziwula “zidla ubuwula” ngokuthi zamukela yonke into ngaphandle kokuyicubungulisisa ngokwezinga elifanele ukuze wenze isinqumo. Iziwula futhi “zidla ubuwula”ngokuthi simandla kakhulu kwimigosi yansuku zonke, yimibona yabantu, kanye nezinkundla zokuxhumana- lokhu kunjengamandla empiweni yazo.

Amakhrestu abizelwe ekutheni athande ukuhlakanipha, hhayi ubuwula ( Izaga 9:1-18). Khuluma ngokolwazi; zithibe kwimibono. Bhala lokho okukholwayo ngokukholelwa kukho ngesiqiniseko esibekhona kade ucbungulisisa; yeka ukulokhu uphinda Phinda izinto ezingenangqondo ezishiwo abanye nakhu ngoba nje sihlale kahle kuwena ngalesosikhathi. Yaziwa ngokuba nolwazi olunzulu nokuqonda ngaphezulu kokwaziwa ngoku ‘shera’yonke into efikayo emqondweni wakhe nekhanga amehlo akho.

Ungadli kwimvuthuluka esaphazeke kwizinkundla zokuxhumana; funa ulwazi, bese ukhuluma ngokolwazi olunzulu.