KwisiNgeniso sencwadi iEssential Truths of the Christian Faith (Amaqiniso Abalulekile kakhulu Enkolo yaMakrestu), uR.C. Sproul ubeka lenkulumo elandelayo:

“Wonke uMkrestu ungumfundi wezimfundiso zenkolo yobukrestu. Ngasosonke isikhathi sibhekana nomsebenzi wokufunda izinto eziphathelene noNkulunkulu. Asizona izazi zemfundiso yenkolo yobukrestu ngokobungcweti noma ngokwezinga lokugogoda ngokwesikole, kodwa nomakunjalo siyizo izazi zemfundiso yenkolo yobukrestu. Incwadi kaPhethro wesibili iyasiqaphelisa ukuthi izimfundiso eziphambene nokufundiswa ibhayibheli ngoNkulunkulu ziyingozi enkulu kubantu bakaNkulunkulu futhi ziwukuhlambalaza uNkulunkulu. Ziyingozi enkulu ngoba izimfundiso zenkolo yobukrestu zithinta yonke into ephathelene nempilo yethu.

IBhayibheli ngokucacile lithi njengokucabanga kwakhe umuntu enhlizweni yakhe, unjalo naye. Lenkulumo izwakala imangaza. Kuzwakala engathi umbhali uyahema. Engathi udidanisa ingqondo nenhliziyo. Sivame ukuqondanisa imicabango nengqondo, siqondanise imizwa nenhliziyo. Ngakho-ke kusho ukuthini ukuthi umuntu ucabanga ngenhliziyo? Leliqoqwana lamagama athi “ukucabanga ngenhliziyo” akhuluma ngokucabangisisa. Amasu amaningi ayanakwa ingqondo kodwa kafushane ngaphandle kokuthi aze afinyelele enhlizweni. Kodwa lawomasu afinyelela ekujuleni koqobo lwethu angamasu akha indlela izimpilo zethu ezibukeka ngayo. Siyilokho esikucabangayo. Uma imicabango yethu ikhohlakele, nezimpilo zethu zilandela lapho.

Siyazi sonke ukuthi abantu bangasho njengomlolozelo isivumo senkolo yobukrestu ngaphandle kokwenza abaphutha, baphumelele ngezinga eliphezulu kwizifundo zezenkolo yobukrestu kodwa umuntu yena ephila impilo engekho ngcwele. Singaqinisa ngesifundiso esiphilile kodwa sibe siphila impilo engaphilile. Imfundiso yenkolo ephilile ayanele ukuthi siphile engcwele. Kodwa iyisidingo sayo impilo engcwele. Singalenza kanjani iqiniso ngaphandle kokuqala siqonde ukuthi liyini iqiniso?

Akekho umkrestu ongayigwema imfundiso yenkolo yobukrestu. Wonke uMkrestu uyisazi sezimfundiso zenkolo yobukrestu. Inkinga, akusikho ukuthi siyafuna yini ukuba nemfundiso yenkolo yobukrestu? Lokho kusobala. Inkinga enkulu ukuthi ngakube sinemfundiso yenkolo yobukrestu ephilile yini na? ngakube yikuphi esikwamukelayo, isifundiso samanga noma seqiniso?”