Mababonge uJehova ngomusa wakhe
nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
Amahubo 107:8-9
Ukube sikhalaza kancane, bese sidumisa kakhulu, ngabe singabajabule kakhudlwana, uNkulunkulu ngabe uyakhazimuliswa kakhulu.
Masimudumise njalo uNkulunkulu ngenxa yemisibenzi yakhe yesihe ejwayelekile- ijwayelekile njengalokhu sivame ukusho, kodwa ingelinganiswa ngemali, ngangokuthi uma singancishwa yona singazibona sesilungele ngisho nokubhubha. Masimbonge uNkulunkulu ngamehlo esibheka ngawo ilanga, ngempilo namandla okuhamba, ngokudla esikudlayo, ngezingubo esizingqokayo.
Masimudumise nangenxa yokuthi phakathi kwabangenalo ithemba asilahlelwanga ngaphandle, noma phakathi kwabalahlwa yicala asivalelwanga ngaphakathi. Masibubonge ngenkululeko esinayo, ngabangani esinabo, ngenhlanganyelo nemfudumalo yemindeni yethu, masimudumise, empeleni, ngenxa yakho konke esikwamukela kuvela kwisandla Sakhe esipha ngokungaphezulu, ngoba thina sifanelwe okuncane, kodwa siphiwe ngobuningi.
*Ithathelwe ku C. H. Spurgeon, Morning and Evening: Daily Readings (London: Passmore & Alabaster, 1896), Evening Reading, December 1.