Do Good and don’t give up

Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

KwabaseGalathiya 6:9-10

Impela lokhu kumele kube yisisekelo somkhrestu kukho konke ukuziphatha kwakhe. Ngabe ubhekene nezingqinamba kambe isikhathi lapho enqobile, engathi uNkulunkulu angasipha amandla sonke, ngokukholwa kwethu okugxile eNkosini, okuba senze okuhle namhlanje singapheli amandla.

Cabanga ukuthi uzoxoxa nobani namhlanje. Yilowo nalowo ozoxoxa naye, hlela ukumenzela kakhulu okuhle kunendlela ojwayele ukwenza ngayo. Mawube kini lowomqondo, njengoba kwabanjalo naseNkosini yethu uJesu ngesikhathi Yena ekucabangela wena futhi nendlela akuphatha ngayo wena. (KwabaseFiliphi 2:3-5)