What do you do with an everywhere-present God?
Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.
UJerimiya 23:24
Ukuphelela kukaNkulunkulu konke kukhona yonke indawo ngesikhathi sonke. Lokhu akuchazi ukuthi uNkulunkulu ungaphakathi kwayo yonke into ngendlela engaqondakali ehlobene nezenkolo njengoba izinkolo zamanga zike zisho, kodwa kunalokho uNkulunkulu, Qobo Lwakhe, ukhona ngokuphelele kuyona yonke indawo.
Lokhu kuboniswe ngokucacile empilweni yomprofethi uJonah. UNkulunkulu ukhulume kuye ngenkathi ekwaIsrayeli. Uzamile ukubalekela ubukhona bukaNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu obekaIsrayeli bekusa nguNkulunkulu okhona olwandle. uJonah ngokwemvelo ubazi ukuthi akunakwenzeka uthole indawo lapho uNkulunkulu engekho khona, ngoba ngesikhathi engaphansi kolwandle kanye nasesiswini senhlanzi enkulu, uJonah wakhuleka kuNkulunkulu, uNkulunkulu wayekhona nalapho futhi wamuzwa. UNkulunkulu ukufakazelile ukuba khona kwakhe kwidolobha lase Nineveh lapho kuhlala khona abantu abakhonza izithixo, futhi uNkulunkulu ukufakazelile ukuba khona kwakhe kumprofethi obethukuthele ngaphansi kwesintshalo esincane.
UNkulunkulu ukhona njalo yonke indawo ngokuphelela koQobo Lwakhe. Ngokuphindaphindiwe uNkulunkulu uthembisile ukuthi akasoze asilahla noma asishiya. Kunephuzi elidonsa amehlo kumaHebheru 13, ukusisiza ukuthi ukwazi kwethu ukuthi uNkulunkulu ukhona yonke indawo sikusebenzise ezimpilweni zethu.
Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”
KumaHebheru 13:5-6
Ngoba uNkulunkulu njalo ukhona, ungabi nakho ukufisa ngokudlulele ingcebo eningi yalelizwe, futhi ungabi nokwesaba izakhamizi zalomhlaba. UNkulunkulu wethu unathi!