Kanjengalokhu uvame ukufunda imikhuleko yabaPhostoli kwimibhalo yabo ekwi Testamente Elisha, kanjalo nakwi Didache (incwadi yamaKrestu yangezikhathi zeTestamente Elisha) uthola eminye yemikhuleko yamakholwa angalesosikhathi.

Nawu umkhuleko owawuvame ukufundwa ngemuva kokuhlanganyela kwiSidlo seNkosi.

Siyakubonga, Baba ongcwele, ngegama Lakho elingcwele olenzile ukuba lihlale lakhele ezinhlizweni zethu, nangolwazi nokukholwa nokuphila phakade, okwazisile kithina ngaye uJesu iNceku Yakho; makube Kuwe udumo ingunaphakade.

Wena, Nkosi enamandla onke, udalile zonke izinto ngenxa yegama Lakho; Unikile ukudla nokokuphuza kubantu ukuba bathokoze ngakho, ukuba bakwazi ukunikezela ukubonga Kuwe; kodwa kithina Unikezelile ngokukhululekile ukudla nokokuphuza kukamoya nokuphila okuphakade ngayo iNceku Yakho.

Ngaphezu kwezinto zonke siyakubonga ukuthi unamandla; makubekuwe inkazimulo kube phakade.

Khumbula, Nkosi, iBandla Lakho, ukulikhulula kukona konke okubi, ulenze liphelele ngothando Lwakho, liqoqe kwimikhawulo yomine yomhlaba, lingcwelisiwe ngenxa yombuso Wakho Owulingisile uwulungiselela lona; ngoba amandla angaWakho nenkazimulo kuze kube phakade.

Mawuze umusa, mawudlule lomhlaba.

Hosanna kuNkulunkulu kaDavide!

Uma ekhona ongcwele makeze; uma kukhona ongenjalo, makaphenduke.
Maranatha (okusho ukuthi Woza Nkosi).
Amen.

Impela, emva kweminyaka ewu-2000 eseyadlula sisakhuluma wona lamaqiniso! Maranatha, engathi INKosi ingabuya masinyane!