Kunamazwi ake akhulunywe ngabazali noma abantu ababalulekile ezimpilweni zethu maqondana nokudlulisa ukubonga nokubazisa. Kwesinye isikhathi akhulunywa ngumuntu odlulisa ukubonga kulowo omenzele isenzo esihle emveni kokubhekana nobunzima. Lamazwi athi, “ungathi uyongibonga sengifile sengingaboni ongenzela kona”, noma “umuntu ubongwa esaphila”. Impela ukubonga uma umuntu esefile akumsizi ngalutho.
KuMahubo 30, iNkosi uDavide isebenzisa inkulumo esinikezela isifundo esifuze lesi sokulindisa ukunikezela ukubonga kusenethuba. Kodwa isifundo sikaDavide sinenjongo enhle kakhulu. Ukubonga kuNkulunkulu wena usaphila.
“Kunanzuzoni ukufa kwami,lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na?
Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?
Amahubo 30:9
Kwizikhathi lapho kuphele ithemba kuvamile ukuba siqhaphelisise izinkinga zempilo ngendlela yokuthi size sikhohlwe ngokuphelele ubuhle nokuthembeka kukaNkulunkulu. Ukufa kungabonakala kungumngani osamukela ngezandla ezifudumele ngezikhathi ezinzima, kodwa leyo akusiyo indlela abaphilayo ekumele bacabange ngayo. Kulesikhathi lapho uNkulunkulu esasilulela impilo, injongo yethu kumele kube ukumdumisa Yena. Ngakho ke, Amahubo 30 uma eqhubeka asinika isithombe, sokuthi uma nje sisaphila, simele singaqapheli kuphela izinkinga zethu, kodwa sibuqaphele nobuhle bukaNkulunkulu. Abaningi ababuboni kwakukubona ubuhle bukaNkulunkulu badinga ukuthi kuqale thina sibumemezele kubona ngaphambi kokuthi babubone. Yilapho ke la thina sithola ithuba lokudlala indima enhle. Musa ukulandelela ukufa- kuzofika ngesikhathi esimiselwe kona. Kunalokho, uma nje usaphefumula, khuluma ngokuthembeka kukaNkulunkulu, umbonga ngakho. Ngezikhathi zezibusiso, nikezela uNkulunkulu udumo nokubonga. Ngezikhathi zokuphelelwa yithemba, themba kuNkulunkulu ngoba noma kungamnyama kuwe, kodwa Kuye abukho ubumnyama.