Kunezinto ezimbalwa ezikhombisa ngokusobala ukuvuthwa koMkrestu ngaphezu kombono anawo maqondana nohulumeni ophethe izindaba zelizwe. Ngakho akumangazi ukuthi akulona kuphela iTestamente Elisha eligcwele imiyalelo ngokubhekana nohulumeni (Makhu 12:13-17; Roma 13:1-7; 1 Thimothewu 2:1-3; Thithu 3:1), kodwa nencwadi equkethe ubuhlakani bezikhathi zonke incwadi yeZaga.
Umuntu ohlakaniphile uzo,
- hlonipha uhulumeni namandla akhe (Izaga 24:21-22),
- qaphela izenzo zakhe phambi kwabanamandla (IZaga 23:1-3; 25:6-7),
- cela ushintsho ngokubekezela nobumnene (IZaga 25:15),
- bona ukulawula kukaNkulunkulu phezu kukahulumeni (IZaga 29:26).
Engathi, kakhulukazi lokhu okubili ngasekugcineni, kungaguqula imikhuleko kanye nezenzo zethu uma sekuziwa ngakushintsho esifisa lwenzeke kuhulumeni namahhovisi akhe ezidingo zomphakathi ahlukahlukene. Ukuhlakanipha kunikezelana ukukhululeka- kuzame lokhu uma uphinda uma kulayini omude uma uya kunoma iliphi ihhovisi likahulumeni!
Ngakube ungumuntu ohlakaniphile noma oyisiwula kubudlelwano bakho nohulumeni wakho?