Njengomzalwane,uke ukucabange ukunakekela umzimba wakho njengengxenye yokukhonza uNkulunkulu ? Izwe liphakamisa ukunakekela umzimba ngaphansi kwegama lokuzibeka phambili. Aziziningi izinto ezibaluleke njengendlela yokunakekela kahle umzimba wakho, kodwa noma kunjalo aziziningi izinto eziyingozi njengokuzibeka phambili (2 Thimothewu 3:1-2). Singenza kanjani-ke thina njengamakrestu ukuba siguqule imiqondo yethu maqondana nokunakekela imizimba yethu?

Impendulo ayihlukile kulokho okunye thina njengaMakrestu esikwenzayo. Siyacula, siyathandaza, siyalalela, sifunda iBhayibheli konke lokhu ngenxa yokuthanda uNkulunkulu futhi siyamkhonza. Nakanjalo-ke nezinto ezifanele ezinokwenza nempilo yethu yansuku zonke zimelwe zenziwe, hhayi ngoba sizibeke phambili thina, kodwa ngoba sithanda uNkulunkulu futhi siyamkhonza.

Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.

1 KwabaseKhorinte 10:31

Nakekela umzimba wakho ngendlela efanele ngoba ufuna ukusebenzisa kahle amathuba empilo uphakamisa uNkulunkulu. Ngesikhathi uEliya egcwele ukwesaba, edangele, ethukile, uNkulunkulu wayenawo amazwi aqinile ukumduduza, ukumeluleka, ukumnikezele nemiyalelo, kodwa aqala ngakho, uNkulunkulu wanikezela uEliya ukudla.( 1 Amakhosi 19). Ngisho neNdodana yoMuntu yahlala phansi lapho ikhathele ( ngokukaJohane 4:6) yathatha Abaphostoli Bayo yabayisa kude nendawo ephithizelayo okwesikhashana (ngokukaMarkhu 6:31).

Sinqatshelwe ukuba sikhathazeke ngokwedlulele ngenxa yokunakekela imizimba yethu (ngokukaMathewu 6:25) noma ukuba sizibone sikumoya ngoba sinakekela imizimba yethu ngokwedlulele ( 1 ekaPhethro 3:3-4) noma kancane (kwabaseKholose 2:23), kodwa uma ngisho nesikhathi sokuzila ukudla kufanele sihambisane nokunakekelwa kahle komzimba ( ngokukaMathewu 6:16-18), kanjalo-ke asilaleni kahle, sidleni kahle, sihlanzeke, sigqoke kahle usuku nosuku, ukuze noma yikuphi esikwenzayo kuzokwenzelwa udumo lukaNkulunkulu.