Njengamakrestu kufanele sizibone thina kuqala singabaphathiswa abangaphansi kukaNkulunkulu ( 1 kwabaseKhorinte 4:1). UNkulunkulu usinikezelile izimpilo zethu, iziphiwo zethu, insindiso yethu, kanye nethemba lethu. Into okuyiyo elindelekile kithina njengabaphathiswa bezinto zonke esizinikezelwe nguNkulunkulu ukuba sithembeke.

Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo.

1 kwabaseKhorinte 4:2

Ukuthembeka phambi kukaNkulunkulu kungukwesaba uNkulunkulu ukudlula abantu ( 1 kwabaseKhorinte 4:4), ukukhonza abazalwane ngokuzithoba wazi ukuthi singabaphathiswa nje beziphiwo ezinikezelwe kithina ( 1 kwabaseKhorinte 4:7), nokuzibona thina qobolwethu njengamathuluzi okukhonza abanye, hhayi ukuzibusisa thina ( 1 kwabaseKhorinte 4:10-13).

IZaga 3:1-4 zibala uthando oluzibophezele nokuthembeka kwizifundiso nemiyalelo kaNkulunkulu njengezithako ezikhiqiza impumelelo empilweni okuyiyo esiyilangazelele. Ziyaqhubeka kwiZaga 3:5 ngokusibizela ekwethembeni uNkulunkulu bese siyeke ukuzithemba thina.

Ngakube uKhristu uyokuthola uthembekile Kuye lapho esefika na?