Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
kwabaseGalathiya 6:9-10
Impela lokhu kumele kube yisisekelo soMkrestu kukho konke ukuziphatha kwakhe. Ngabe ubhekene nezingqinamba kambe isikhathi lapho enqobile, engathi uNkulunkulu angasipha amandla sonke, ngokukholwa kwethu, okugxila eNkosini, okuba senze okuhle namhlanje singapheli amandla.
Cabanga ukuthi uzoxoxa nobani namhlanje. Yilowo nalowo ozoxoxa naye, hlela ukumenzela kakhulu okuhle kunendlela ojwayele ukwenza ngayo. Mawube kini lowomqondo, njengoba kwabanjalo nase Nkosini yethu uJesu ngesikhathi Yena ekucabangela wena futhi nendlela akuphatha ngayo wena. (KwabaseFilipi 2:3-5)